VIEW LEADERBOARD

The Witches

The Witches

The story it about the two families they unlike each. them the other start the climax by witched the wife Mdletshe's family the beginning of the first chapter.

0

Literary fiction


author-small

SANELEMSANE (South Africa)


~~CHAPTER 1
SCENE 1
uZungu, oyinyanga endaweni yaseCinci uthwebula ingane kaMaMthembu ongukosikazi kaMdletshe.
Zungu: (enzamsindo wobungoma, esisha umuthi wokuthwebula uyawuphephetha umuthu ) hambani, hambani niye kwaMdletshe, ningibuyele nengane yakhona yomfana. (ekhuluma nomuthi akawuphephethile)

kwaMdletshe, uMaMthembu uhleli yedwa edlini ezwakukhala uthayela ngathi baphonsa itshe.
MaMthembu: (ekhuluma yedwa) kwenzani? Kodwa kosi yami lezingane zalayindaweni ayikho ngempela inhlonipho. (esukume ephuma eyebheka ukuthi abobani laba abaphonsa itshe phezukwendlu, uthena uma ephuma emnyango evele ezwengathi khona into emshayayo ekhanda ebambelele ngesicabha, ememeza uSenzo) Senzo!!...(ephelelwe amandla, ewephansi)
Ngehora le 15:00 ntambama uSenzo oneminyaka eyi-15 uphuma kuyodlala ibhola uthola umama wakhe ewile emnyango, ekhihliza amagwebu.
Senzo: (ethuka uma eqhamuka, ebona umama wakhe ewile phansi ) mama, mama! (emnyakazisa)mama vuka. Yini mama kwenzenjani? (emnyakazisa kodwa engavuki uMaMthembu, ekhiphe ifoni efonele usis wakhe uMbali ofunda eMfolozi College eRichardsbay)
Zama: Senzo ngiseclassini, yini.
Senzo: (ekhuluma ngokukhala) Zah, there is a huge problem I face here mom is faint, ngicabanga ukuthi uyagula.
Zama: Senzo ngoba mina ngisase sikoleni ke.
Senzo: Zama, mina ngenzenjani ke? I’m too weak to drag her to bed or any where cause uqulekele emnyango and i think it very worse ngoba ukhipha amagwebu ngomlomo.
Zama: what? Okay ngizozama ukugibela manje. Wena hamba uyotshela umakaLungih phezulu ezokusiza mina ngiyeza manje.
(evale ifoni uSenzo, ephume egijima eyakwaKhumalo efika esehefuzela )
MaMpanza: Senzo, yni mfana wami waqhamuka usujima kwenzenjani? (ethule uSenzo, esakhathele kwehla nezinyembezi) Senzo kwenzenjan?
Senzo: ngiyaxolisa ma, ngicela uzongisiza (ephefumulela phezulu) ngifice umama ewile emnyango ngibuya egroundini, futhi ephuma amagwebu ngomlomo.
MaMpanza: ngasachaza okuningi, asambe... (basuke bahambe, uma befika khona. Bafika bayamqukula bambeka kusofa, uMaMpanza uyamthinta uyamunza ukuthi sekathule lomuntu kodwa engamtshele uSenzo, esole uSenzo)
Senzo: ma, yini uright umama?
MaMpanza: Senzo, ubusumazisile uNomzamo ngalento?
Senzo: yebo, ngiqale ngay umfonela before ngize kuwe. Ma, ngabe khona okungekho right ngomama?
MaMpama: asilinde uZama mfana wami, ikulu inking kamawakho.
Senzo: yini ma? Asizame noma ukufonela i Ambulance ke ma, ukuze simyise esibhedlela umama uzosifica khona uZama.
MaMpanza: ay Senzo, yekela lezozinto ungalokhu umosha i-airtime yakho isazo sebenza kakhulu mfana leyofoni yakho. I-Ambulance ngeke isasiza ngaluthp lapha.
Senzo: usho kuthini? (ephakamisa izwi) Ma, umama uyafa lana wena uthi ngayibizi i-Ambulance ukuthi imyise esbhedlela.
MaMpanza: yeyi weSenzo, weSenzo musa nje ukuphakamisa izwi lapha kimi, siyenzwana ngithena kuwe asilinde uNomzamo . hamba yongikhela amanzi ukuphuza, uyangomisa.
Senzo: (ethule, ebuke uMaMpanza bese ebona umama wakhe ehambe uyolanda amanzi)

SCENE 2
uZama, uyakuSakhile, uyisoka lakhe ukuti amahambise ekhaya kubo, ngalesisimo esiphuthumayo.
Zama: (umfica uSakhile enamantombazane benjabulo) sanibona... Sakhile, sacela wena kancane.
Sakhile: (ehleke) ya babe.
Zama: Sakhile, bengicela ungiphuthumise ekhaya kade ngifonelwa uSenzo, umfana wase khaya omncane uthi umama uwile ekhaya futhi ukhipha amagwebu ngomlomo.
Sakhile: (ethule ecabange ukuthi uZama, uyakhohlisa ufuna ukuthi ahmbise kubo nje ayingoba kuyiqiniso lokhou akakushoyo) eish sthandwa sami, ngizoshaywa upetrol.
Zama: (kwehle izinyembezi) Sakhile please, please.
Sakhile: No, Nomzamo it’s serious?
Zama: (ekhala evume ngekhanda)
Sakhile: okay, okay babe ngena emotweni, angifuni ukubona unjena.
Ehambe yongena emotweni uZama, besuke behambe
SCENE 3
uMaMpanza,ufonela abanye omama asonta nabo ebatshela ngento esivelile kwaMdletshe.
MaMpanza: (efona) weMaKhoza, awubikela abanye omama lapho ukuthi sekushone uMaMthembu lapha. Okay, okay, kulungile bhabhayi (evale ifoni ebuyele edlini)
Senzo: ma, ngiyakucela asimhambise esbhedlela umama, uZama uzofika kudala layikhaya.
Zama: (engena endlini) sengifikile (ewise iskhwama phansi ezivale umlomo mgezandla ekhala ethi uyakumama wakhe emvimbe uMaMpanza)
MaMpanza: cha, cha, cha ngane yami ungayilaphaya myeke manje usele, Nomzamo.
Zama: (ekahala) ma!!...
MaMpanza: Nomzamo nawe Senzo, akasekho umama wena kade esishiyile.
(ekhale kakhulu uZama)
Senzo: (ephakamisa izwi) ini? Ayikho leyonto akafanga umama (ekhala) ayikho eyonto (uMaMpanza, ebabambe ebathulise kuze kufik omama besonto)

SCENE 4
uZama, wenza amalungiselelo omgcwabo kamama wakho bahamba noSenzo, bayehla bayenyuka ngemoto lesoka likaZama, afunda nalo ecollege. Sebabuya ekhaya ufika uyababeka uSakhile, bese uZama ekhuluma naye.
Sakhile: (uhleli noZama emotweni) Zah, uzizwa njani?
Zama: ya Sakhile, yazi angazi noma ngiwumuntu noma ngiyini.
Sakhile: sthandwa sami, kuzodlula lokhu, wena nje kumele uqine, unike ubhuti wakho isibindi sokubhekana nalento njengo sisi wakhe omdala.
Zama: Sakhile, ilokho name engifisa ukukwenza kodwa ngeke kwenzeka ngoba nami engiqinile ngokuphele ukuthi ngaqinisa uSenzo.
Sakhile: Zama, ngikhona futhi ngyohlezi ngikhona ngilokhu ngikweseka.
Zama: ngiyabonga Sakhile, yazi angazi bengizokwenza njani ukube wena wena ubungekho empilweni yami.
Sakhile: (emamatheka) khululekani Nomzamo, uNkulunkulu akakuniki ukungaphezu kwamandla akho. Ukuba khona kwami empilweni yakho uNkulunkulu, wayesekuhlelile kudala. Ingakho lithi ibhayibheli ‘’kwagqitswa konke ngezimpilo zethu emazulwini’’
Zama: hawu! Kanti uyalazi ibhayibheli Sakhile.
Sakhile: ya, ngikholwa mina Zama, ayikho into engiyithanda njengokukhonza uNkulunkulu.
Zama: (ebona ubab’ omkhulu wakhe sefikile) ey Sthandwa sami ngenhlonipho, bengisacela ukuhamba nangu ubab omkhulu sefikile naye.
Sakhile: okay sthandwa sami.
Zama: yazi babe, besekumnandi ukuxoxa nawe kodwa ke...
Sakhile: kulungile babe, akunakinga. Manje nifihla nini?
Zama: suterday.
Sakhile: oh okay, so tomorrow niyomlanda?
Zama: yebo.
Sakhile: kulungile babe hamba manje, kuyoze kuthethe abantu abadala lokhu ubuyile awukaze uyedlini yobatshela ukuthi uhambe kanjani, mina ngizokubona kusasa later.
Zama: bye Sakhile, drive safety (ephume emotweni)


SCENE 5
uSenzo, akakuzisiswi ukuthi umama wakhe ushone kanjani. uyocela uMaMpanza ufuna kukhuluma naye ngaphandle.
Senzo: (efika eqoshama duze noMaMpanza) bengisecela ukukhuluma nawe mama, ngaphandle.
MaMpanza: (ngenhlonipho) kulingile mkhulu ngiyeza.
(ephume uSenze eyomlinda uMaMpanza ngaphandle, emva kwendlu ezefike uMaMpanza)
Senzo: yazi mama MaMpanza, ngiyangane futhi kakhulu kodwa, namanje angikakukholwa ukuthi umama wami ungishiyile.
MaMpanza: ey khona mfana kunzima kuthina sonke, ngisho namakhosikazi lawa esisonta nawo awakholwanga uma ngiwatshela ukuthi uMaMthembu akasekho.
Senzo: ushone nini umama?
MaMpanza: ubuza usuku noma ubuza...
Senzo: ngibuza ukuthi ushone nini umama, mama uMaMpanza?
MaMpanza: izolo Senzo, ngifa nje mina lapha bese vele eshonile bengafuni ukutshela wena uwedwa engakafiki udadewenu.
Senzo: yazi, mama MaMpanza namanje angikholwa ukuthi umama ngamshiya ephila ngiza kuwe bese vele eyafa nje kanjalo ngoba sengifike nawe.
MaMpanza: yabona ke manje Senzo, angisakutholi ke manje, ngabe uchaza ukuthi?
Senzo: angichazi, kodwa nginombuzo engizibuza wona ukuthi yini umama ezofa sekufike uMaMpanza layindlini kodwa engafi kusekhona mina layikhaya?
MaMpanza: haa habe! uThabekhulu yini? Ngiyalingwa, wengane, wemfanyana, uchaza ukuthi yini ebulala umama wakho.
Senzo: No, no, no ma, angichazi lokho. Mina ngiyabonga nje ukuthi wena ukwazile ukungisiza nacho konke okwenzile. Kodwa khona ukufa kama, akubanga ukufa okwaziwayo yiwo wonke umuntu kunesandla. Sengilinde ukuthi udlule lomgcwabo bese lona owenze lento eyikhothe eyomile. I’m too young, but i’m not young enqondweni, sengabuyela endlini maa, ngiyabonga (esuke uMaMpanza)


Competition: Friendly feedback, Round 1

SEE MORE LIKE THIS


Reviews

The reviews for this submission haven't been published yet.